Share

Izelamani zikhala ngokwebelwa amaphenti

Durban - Izelamani zakwaGumede ziyaphoqeleka ukuba zishintshane ngokugada amaphenti azo aze ome uma ziwanekile ngenxa yokuthi kunomuntu owebayo bese ewabuyisa ngemuva kwamasonto.

Lezi zelamani ezinhlanu, ezihlala ndawonye eChesterville ngaseThekwini, zinokwesabela ukuthi lo muntu owenza lokhu uwasebenzisela umuthi amaphenti azo.

Isehlakalo sokugcina senzeke ngoLwesihlanu ngesikhathi omncane kulezi zelamani, uFuthi, elahlekelwa yithawula lakhe lokugeza kanye namaphenti.

“Siyashintshana ngokugada izimpahla esizinekile. Indlu yangasese yokugeza incane futhi siyishumi esihlala lapha, ngakho amaphenti ethu siwaneka phandle.

“NgoLwesihlanu ngiye kogeza ngezithuba zabo-05:00 ngase ngineka iphenti kanye nethawula kulayini. Ngemuva kwemizuzu engu-20 bese kungasabonwa," kusho uFuthi.

“Kungokokuqala lokhu kwenzeka kumina kodwa sekuvamile kodadewthu njengoba kwaqala kusukela ngoNovemba ukuthathwa kwamaphenti abo. Ngiyesaba ngoba omunye udadewethu, uBathobile, walahlekelwa yiphenti lakhe ngonyaka odlule ngemuva kwalokho waphuphunyelwa yisisu.

“Ngesikhathi eya esangomeni, samtshela ukuthi kunomuntu osebenzise iphenti lakhe emuthini.

UBathobile utshele iDaily Sun ukuthi: “Ngesikhathi iphenti lami libuya kwakunomugqa omnyama kodwa lalihlanzekile.”

Ukuqinisekisile ukuthi ngemuva kokuphuphunyelwa yisisu watshelwa yisangoma ukuphuphuma kwesisu kuhlobene nokunyamalala kwezingubo zakhe zangaphansi.

USihlalo weTraditional Healers Association uSazi Mhlongo uthe abantu bakholelwa wukuthi amaphenti ayinsila yomuntu ngakho angasetshenziselwa ukuthakatha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 463 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE