Durban – Umndeni ongenelwe izigebengu ubalwe neminye imindeni eyizisulu zobugebengu endaweni yaseWaterfall, eForest Hill, eThekwini.
Lo mndeni ubuvalelwe amahora amathathu emzini wawo ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi izigebengu ziwubhekusa phezulu.
Lo mndeni ubusuzilungiselele ukuyolala ngesikhathi uhlaselwa amadoda amane.
OLUNYE UDABA: Izigelekeqe zimise kabi abazalwane
Umthombo wamaphoyisa uthe lo mndeni uvalelwe ekamelweni waboshwa izandla ngekhebuli umuntu ngamunye.
Lezi zigebengu bezibanga umsindo, zimemeza zithi: "Ningasibheki; bukani phansi," kusho iphoyisa.
Lama doda afune imali nezinye izinto ezibalulekile zisiza ngokudla nangotshwala ngaphambi kokubhekisa phezulu indlu.
OweSecure Link uSteven King uthe ubaba wekhaya ukwazile ukuzikhulula wacindezela inkinobho yosizo.
Wakwazi ukuthola usizo kwabaseShongweni K9 unit, eyaphendula ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker usiqinisekisile lesi sigameko, kubika iThe Mercury.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho