Share

Izigebengu zintshontshe imali yempesheni KwaMashu

Durban – Izigilamkhuba zigasele endaweni yokuhola impesheni KwaMashu enyakatho yeThekwini zaqhumisa umshini wokuhola obugcwele imali maqede zabeleka nesamba semali esingadalulwanga.

Unogada ubesebenza esitolo sakwaBoxer eNewtown ukhonjwe engezibhamu ngamadoda amahlanu abehlimile amphoqa ukuba avule lapho bekukhiyelwe khona lo mshini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uMajor Thulani Zwane uthe lezi zigilamkhuba zimdonse ngendlebe lo nogada ukuthi angayicindezeli inkinobho yokubiza abanye onogada.

“Amkhombe ngesibhamu amphoqa ukuba avule isango futhi angayicindezeli inkinobho yokubiza abanye onogada. 

OLUNYE UDABA:Uyavela oweba i-ambulensi wabaleka ngayo e-KZN

Ngemuva kokuvulela izigebengu lapho kugcinwe umshini wemali uzwe ngomkhulu umsindo ngaphansi esitolo,” kusho uZwane.  

“Abasolwa babaleke nomakhalekhukhwini nesamba semali esingadalulwanga. Kuvulwe icala lokubamba inkunzi nelokulimaza impahla kanti bekungakaboshwa muntu,” esho.

Umthombo osondelene nophenyo udalule ukuthi lezi zigilamkhuba zibhaleke nezinkulungwane zemali obekulindeleke ukuthi isetshenziwe ukuholela abantu impesheni kuleli sonto.

Lo mthombo uqhube wathi abasolwa  basebenzisE isiqhumane esinamandla esijwayelwe ukustshenziswa ukuqhumisa ama-ATM.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 418 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 878 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE