Johannesburg - Bangaphansana kuka-16 million abantu baseNingizimu Afrika abemukela isibonelelo sikahulumeni kusukela ngonyaka owedlule, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini.
Lokhu kudle uhulumeni isamba esingu-R109 billion, onyakeni wezimali u-2013/14.
Ungqongqoshe usho kanjena empendulweni ebhalwe phansi ehanjiswe ngaphambi kwePhalamende.
Funda nalolu daba: Isibonelelo sizonciphisa eyo-sugar daddy
Ngonyaka owedlule bezingu-70% izingane ezithola isibonelelo sikahulumeni, lokhu kudle imali engu-R39.6bn.
Esikhathini esifanayo imali engu-R44.1bn ikhishelwe abantu abadala abathola isibonelelo.
Izibalo zekota yokuqala ka-2014/15, zikhomba ukuthi sikhulile isibalo sabantu abathola isibonelelo sikahulumeni.
Ngonyaka ka-1998, babe bengu-2.5m kuphela abantu abathola isibonelelo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.