Share

Izinduna zisabise ngokuphazamisa ukhetho

Durban – Izinduna  KwaZulu Natal zisabise ngokuphazamisa ukhetho lohulumeni basekhaya uma uhulumeni ehluleka ukufeza isethembisa sokubakhokhela zinyanga zonke ngokusho kombiko.

USihlalo wezinduna kulesi sifundazwe uVusimuzi Mthethwa ngoMsombuluko uthe sebelinde kwaze kwanela manje.  

“Sabatshela emhlanganweni esaba nawo ngoLwesine olwedlule ukuthi uma bengasikhokheli kulokhu, sizoba nemashi futhi sizoluphazamisa ukhetho lwangonyaka ozayo.

Sizoqinisekisa ukuthi bonke abahlala ezindaweni ezingaphansi kwezinduna KwaZulu Natal abalubhadi ukuyovota futhi bakhumbule ukuthi baningi abantu abahlala kulezi zindawo kulesi sifundazwe,” kusho uMthethwa.

OLUNYE UDABA:Kutholwe izidumbu ezishile ngasesiteshini sesitimela

“Isethembiso sokusikhokhela basenza kudalala kodwa kuze kube yimanje abakaze.

Kungani bajaha ukukhipha izitatimende kwabezindaba ekubeni bazi ukuthi babekhulumela into ezokwenzeka ngemuva kweminyaka eyishumi?,” kubuza uMthethwa.

Ngokusho kombiko, uMengameli Jacob Zuma uqoke ukwenza imali ezokhokhelwa izinduba ibe ngu-R84 125 ngonyaka njengoba lokhu kwaphakanyiswa yikhomishana ebhekelela inani okumele ihlonyulwe yilabo abasebenzela umphakathi (Commission for Remuneration of Public Office Beareres).

Zibalelwa ku-2 039 izinduna KwaZulu Natal kanti umnyango udinga isamba semali elinganiselwa ku-R171 million ngonyaka ukuze ukwazi ukuholela.

NgoLwesine uNdunankulu wakulesi sifundazwe uhlangane nezinduna ukuzodingida lolu daba lwale mihlomulo.

Okhulumela undunankulu uthe useke wawezwa amahlebezi ngokuthi izinduna zihlela ukumashela eMgundlovu ngenxa yokungagculiseki.

Uthe Mchunu uhlanganile nezinduna ngoLwesine wazichazela iqiniso mayelana nodaba oluthinta imali okumele itholwe yizinduna.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 475 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1039 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE