"Besikhuluma ngokuvukelana okwenziwa abantu abahlukene emphakathini. Uyabona nje nangendlela amaqembu aphikisayo aseyidelela ngayo i-ANC uma ekhuluma ngayo,” kusho uMasina etshela izintatheli.
"Uma ubuka okwenzeka ePhalamende kulezi zinsuku kuyakucacela ukuthi kunabantu abenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi intando yabantu eyenzeka ngoMeyi 7 ishaywa indiva.”
OLUNYE UDABA: UZuma uthi akuyihambeli kahle i-ANC
UMasina uthi yilokho obekuchazwa nguMengameli Jacob Zuma ngesikhathi ethi i-African National Congress isenkingeni.
"Sisenkingeni ngenxa yalabo abangazange bakwazi ukuthola amavoti amaningi manje sebefuna ukusidonsa ngamakhala,” kuqhuba uMasina.
Ethula inkulumo yokuvula inkomfa ye-ANCYL ngoLwesithathu ebusuku, uZuma uthe i-ANC ibhekene nengwadla.
"Siyavuma ukuthi inhlangano isenkingeni,” esho etshela izethameli.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho