Johannesburg - Kuthanda ukuba ngumqansa ukuhlolwa kolibofuzo lwabantu abangu-84 abashona kuwa isakhiwo sebandla eNigeria, kusho umbiko weSaturday Star.
Udokotela uMunro Marx, oyisikhulu esiphezulu eStellenbosch University, uthi babhekene notalatiya njengoba beqhuba umsebenzi wokuhlola ulibofuzo.
"Ngenxa yokushisa kwelanga eLagos, izidumbu zishesha kakhulu ukonakala,"esho etshela iphephandaba.
Funda nalolu daba: Sezifikile izidumbu zabashona eNigeria
Izidumbu zatholakala ngemuva kwezinsuku ezine noma ezinhlanu kwawa ibhilidi elabandla iSynagogue Church Of All Nations, eholwa ngumfundisi uTB Joshua.
Ibhilidi lawa mhlaka-12 Septhemba, kwashona abantu abangu-116.
UMarx uthi amasampula angu-116 abawathola, ayengekho esimweni esikahle, nokwenza umsebenzi wokuhlonza abashona ube nzima.
Umsebenzi yaqhubeka.
Abantu abangu-74 bakuleli, bahlonzwa ngendlela, kwabuyiswa izidumbu zabo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.