Cape Town – Izinyunyana eziyisikhombisa zabasebenzi seziphumele obala ngokuseka unobhala jikelele weCosatu oxoshiwe, uZwelinzima vavi.
I-CWU (Communication Workers Union), Numsa (National Union of Metalworkers of South Africa), Fawu (Food and Allied Workers Union), Saccawu (South African Commercial, Catering and Allied Workers Union), Sasawu (South African State and Allied Workers Union), Denosa (Democratic Nursing Organisation of South Africa), Safpu (South African Football Players Union), yizona zonke izinyunyana ezeseka uVavi.
Funda nalolu daba: Kufanele abuyise zonke izinto zeCosatu uVavi.
UVavi usigxekile isinqumo sekomidi eliphezulu lomfelandawonye sokumxosha ngokushesha.
"Labo abafuna ukuthatha iCosatu ababafuni nakancane labo abama endleleni yabo, kusho uVavi.
"Ubuholi bucabanga ukuthi buzoqhubeka nomsebenzi njengokwejwayelekile, kodwa mancane amathuba alokho,” usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.