Johannesburg - Ngenyanga kaDisemba ngonyaka ka-2013, saba sikhulu isibalo sezivakashi ezangena kuleli laseNingizimu Afrika, kusho isikhulu kwaStatistics SA, uGeneral Pali Lehohla.
"Kwaba nokwehla kwesibalo ngenyanga kaNovemba, nokho izibalo zakhula ngoDisemba," kusho uLehohla.
Zilinganiselwa ku-937 792 izivakashi ezitheleke ngenyanga kaDisemba, lesi sibalo sikhule ngo-7.6% uma siqhathaniswa no-871 774, wonyaka ka-2012, ngenyanga kaDisemba.
"Kwakumatasa kuyo yonke imingcele nezikhungo," kusho uLehohla ethula izibalo eThekwini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).