Johannesburg - Kuyaqhubeka ukuhlanganiswa kwezibalo ezizobeka obala ukuthi ingakanani imali yabakhokhi bentela eyasebenza kuqhubeka icala lokukhwabanisa elalibekwe owabe enguKhomishana wamaPhoyisa uJackie Selebi.
Lo mbiko uvezwe nguKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega, ephendula umbuzo weqembu iFreedom Front Plus, ePhalamende.
Umholi weqembu uPieter Groenewald, uthe usezohambisa isikhalazo sakhe kuMvikeli woMphakathi.
UPhiyega uthi kuzobekwa obala ukuthi ingakanani imali eyasebenza ngamacala kaSelebi, yize noma kungeke kusheshe.
"Kuningi ekumele kuhlanganiswe ngecala likaSelebi, wonke lo msebenzi uzothatha isikhathi," kusho uPhiyega.
Ngonyaka ka-2010, uSelebi walahlwa amacala okukhwabanisa, wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.
Kwatholakala ukuthi wabe egwazelwa umgulukudu oshushumbisa izidakamizwa uGlen Agliotti.
Ngonyaka ka-2012, wadedelwa ejele ngemuva kokuthola ushwele wokugula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.