Cape Town – Uyise wendoda eyadutshulwa yashona endaweni yokupaka izimoto kwelinye lamagalaji eKapa unesiqiniseko sokuthi buzokwenziwa ubulungiswa.
Ekhuluma nephephandaba iCape Argus ngemuva kokufihlwa kwendodana yakhe , uEbrahiem Joseph uthe akasazi isizathu esiholele ekutheni kubulawe indodana yakhe uToufiq Joseph kodwa noma ngabe sithini isizathu, umsolwa ubengenalo ilungelo lokubulala.
OLUNYE UDABA: Kubulawe indoda ngaphandle kwesitolo ekapa
UDavid Forbes osolwa ngokubulala indoda eneminyaka engu-24 ubudala ugcinwe esitokisini kodwa ummeli wakhe unesiqiniseko sokuthi uzoyithola ibheyili, kubika abe-Eyewitness News.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho