"Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwiBavaria Brewery kanye nabobonke ababambe iqhaza bazibophezela kwi-Sanparks," kusho ibamba lesikhulu esiphezulu leSanparks u-Abe Sibiya.
IBavaria Breweries kanye nezinye izinkampane ezinkulu ezinhlanu okubalwa kuzona uWoolworths, Pick n Pay, Spar, Massmart noShoprite Checkers ziqoqe imali esikhathini esiyizinyanga ezine.
Imali izosiza ekuqeqesheni nasekuhlomiseni onogada ukuba bakwazi ukuvikela obhejane.
USibiya uthe bangu-3072 obhejane ababulewe eNingizimu Afrika kusukela ngo-2000.
Uthe u-58% wobhejane babulawe eKruger National Park, kusukela kuqale lo nyaka, bangaphezu kuka-200 obhejane asebebulewe.
USibiya uthe iSanparks ibenezinhlelo zokufundisa abantu ezinkundleni ezahlukene.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).