Share

Kubabhedele abebezama ukugebenga abazalwane

Johannesburg – Kushintshe uhlelo ngesikhathi izigebengu ebezizama ukugebenga abazalwane ngemuva kwenkonzo zibafuna imali nomakhalekhukhwini, zishaywa.

Kuthiwa kusuke isidumo kwangathi abazalwane bebevele bezicuphile lezi zigebengu, bazititinya.

Lesi sigameko senzeke ngabo-20:00 ngoMsombuluko eBerea, eGoli, kubika iThe Star.

Omunye wabazalwane uThuso Siziba uthe kuphazamiseke inkonzo isiyophela ngesikhathi lezi zigebengu ebeziphethe isibhamu zingena ngendlov’iyangena kuleli bandla lase-Assemblies of God.

USiziba uthe abazalwane bese belungiselela ukugoduka ngesikhathi kuqhamuka lezi zigebengu eziyalele ukuthi kunganyakazi muntu.

USiziba uthi omunye wabazalwane ukwazile ukuphuca isigebengu isibhamu, kwaba ongaphansi ongaphezulu, ekugcineni waphumelela.

Uthi abazalwane babe sebesina bezibethela kulaba ngenduku.

Owamaphoyisa uSergeant Mduduzi Zondo, okhulumela amaphoyisa aseHillbrow, ukuqinisekisle ukuboshwa kwamadoda amabili nokutholakala kwesibhamu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
26% - 47 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
74% - 132 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
-0.2%
Rand - Pound
23.64
-0.1%
Rand - Euro
20.17
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.21
+0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
984.20
+0.7%
Palladium
1,035.50
-1.4%
Gold
2,387.67
+0.2%
Silver
28.85
-0.1%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
68,349
0.0%
All Share
74,519
0.0%
Resource 10
63,879
0.0%
Industrial 25
100,148
0.0%
Financial 15
15,828
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE