Cape Town – Kudutshulwe abantu ababili esehlakalweni sokuphanga esenzeke ngaseCape Town International Airport ngoLwesithathu.
Ozibonele, u-Andie Morris, utshele abe-News24 ukuthi ubone umuntu oyedwa kungathi ufile, omunye elimele.
Funda nalolu daba: Kulimale owesifazane nosana lwakhe
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uCaptain FC van Wyk ukuqinisekisile kwabe-News24 ukuthi isehlakalo senzeke egaraji likaphethiloli kanti amaphoyisa asendaweni yesehlakalo.
Okhulumela iCape Town International Airport uDeborah Francis uthe kuphangwe egaraji likaphethiloli, kodwa akenabanga ngemininingwane.
Imigwaqo engena nephuma esikhumulweni sezindiza isavuliwe. Igaraji lona livaliwe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.