Cape Town - Balinganiselwa ku-118 abantu abasale dengwane ngesikhathi kusha imikhukhu engu-30 ezindaweni ezahlukene eKapa, kusho abazemo ezibucayi kumasipala.
"Akukho muntu ekubikwe ukuthi ulimele. Kuqubuke imililo ezindaweni ezinhlanu ezahlukene," kusho inhloko yabezimo ezibucayi uWilfred Solomons-Johannes.
Kubikwe ngemililo equbuke emikhukhwini yaseMmizamo Yethu, iseRavensmead, iseKhayelitsha, iseFizantekraal kanjalo naseKraaifontein.
Ngokusho kukaSolomons-Johannes, abantu abalinyalelwe impahla nahlinzekwe ngokudla nezingubo zokulala kanjalo nezinsiza zokwakha kabusha imikhukhu yabo.
Imbangela yemililo ibingakazeki
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.