Johannesburg - Ngokwemibiko yabe-Crime Watch, sekuthunjwe ingane isenkulisa esendaweni yaseManaba/Shelly Beach.
Kubikwa ukuthi le ngane ithunjwe umlisa obehamba ngemoto eyebiwe endaweni ekhanda izimoto.
Okwamanje imininingwane ibingakacaci kahle kanti amaphoyisa nawo abengakasiqinisekisi lesi sehlakalo.
Funda nalolu daba: Uphethe ngokulimala obedlala isithuthuthu sikabasi
Kukholakala ukuthi umsowla kungenzeka ukuba usendleleni elibhekise eSecunda noma e-Upington njengamanje.
Imibiko ithi ukuthunjwa kwale ngane kungenzeka futhi ukuba kuhlobene nengxabano yasemndenini, ngokusho komthombo, kubika iSouthCoastHerald.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.