Cape Town - Amalungu ophiko lwamaphoyisa olugcina ukuthula emphakathini adubule ngezinhlamvu zenjoloba ebhekise kubabhikishi eGrabouw, eWestern Cape, ngoLwesibili.
Abantu abebebhikisha abalinganiselwa kwabangu-100 bangene emgwaqeni ku-N2 ngemuva kwalokho babonakala sebeqonda ngasemaphoyiseni, bafike bawajikijela ngamatshe.
Amaphoyisa aziphendulele ngezinhlamvu zenjoloba, isixuku sabalekela elokishini laseSlang Park.
Funda olunye udaba: IZITHOMBE: Umbhikisho wase-UKZN.
Kuphinde kwavalwa umqwaqo iNorth Pineview ongenela eGrabouw kanti sekuqala nokuba nesiminyaminya emzileni obheke eGordon's Bay.
Kuze kube manje bangu-13 abantu asebeboshiwe kulandela ukuzingenela ezitoli ngodli bezitapele impahla ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho, kusho amaphoyisa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.