Johannesburg – Kuboshwe abantu abangu-17 okuhlanganisa nezingane ezine eNancefield eMusina ngemuva kokushiswa komuzi kamfundisi obesolwa ngokuthakatha endaweni ngokusho kwamaphoyisa aseLimpopo.
Udlame luqale ngoMsombuluko ebusuku ngesikhath amalungu omphakathi waseNancefield egasela emzini kamfundisi oneminyaka engu-70 ubudala, kusho uRonel Otto okhulumela amaphoyisa.
Kubikwa ukuthi bekusanda kusabalala ivideo yalo mfundi lapho ezisholo yena ukuthi uke wazimbandakanya ezenzweni zokuthakatha kanti nendodakazi yakhe ihlaselwe amadimoni.
“Amalungu omphakathi ayibona le video abe esnikela emzini walo mfundisi ngenhloso yokumshisa nomndeni wakhe,” kusho u-Otto.
Amaphoyisa abizwa kusenesikhathi akwazi ukuhlenga lo mfundisi nomndeni wakhe.
OLUNYE UDABA: Basengozini abesifazane abathanda ukuthenga izicathulo
Iqeqebane lamalungu omphkathi ajikijela imoto zamaphoyisa ngamatshe kwalimala amaphoyisa amathathu.
NgoLwesibili umphakathi waphinde wahlangana wakwazi ukushisa umuzi kalo mfundi washa wangqongqa kwathi ngoLwesithathu umphakathi wahlasela emzini kamfowabo kafundi bajikijela ngamatshe kwaphihlika amawindi.
Amaphoyisa asebophe amalungu omphakathi amahlanu ngalesi sigameko njengoba ezobhekana necala lokushisa nokulimaza impahla nodala udlame emphakathini.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseMusina ngoLwesine base bededelwa ngebheyili.
Abasolwa abahlanu abakhulile badedelwe ngebheyili ka-R2000 kwathi abane abangaphansi kweminyaka badedelwa ngeso labazali.
Abanye abakwazanga ukuthola ibheyili njengoba bonke bezobuyela enkantoo ngomhlaka 27 kuMeyi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho