Johannesburg – Kuboshe amadoda amathathu ngezinsolo zokubulala umnini wepulazi lase-Addo ngokusho kwamaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesibili.
La madoda abanjwe esegaraji lokuthela uphethiloli ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokubonwa ngonogada benkampani ezimele ababe sebethinta amaphoyisa, kusho okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Majola Nkohli.
“Amaphoyisa aqale awapheka ngemibuzo le mibuzo la madoda mayelana nobunikazi bemoto abehamba ngayo.
Kutholakale ukuthi iveni abehamba ngalo ngelominikazi wepulazi lase-Addo,” kusho uNkohli.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owenyunyana
“Amaphoyisa athole amachaphazela egazi ngemuva kwaleli veni nokuthe amaphoyisa eqhubeka nokubaphenya ngemibuzo oyedwa wala madoda wagcina evumile ngokuhlasela umnikazi we pulazi oneminyaka engu-62 ubudala.”
La madoda athathe amaphoyisa ayobakhombisa lapho afihla khona isidumbu somnikazi waleli pulazi.
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKirkwood ngoLwesithathu lapho ezobhekana khona namacala, elokubulala nokuduna imoto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho