Johannesburg – Kuboshwe abantu abangu-8 ngokudala uthuthuva emphakathini ngesikhathi kunombhikisho eBekkersdal ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng.
Udlame luqale ngemuva kokuba amalungu omphakathi emashele emahhovisi kamasipala waseWestonaria kodwa anqatshelwa ukungena ngaphakathi, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Katlego Mogale.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe owokufika ngesibhamu esingekho emthethweni