Johannesburg - Ukubanjwa inkunzi kwebhange laseLusikisiki, kukhomba ukuthi kube ngumqondo wabanye abasebenza ngaphakathi, kusho amaphoyisa esifundazweni sase-Eastern cape.
"Amaphoyisa athole ucingo etshelwa ngokubanjwa inkunzi kwebhange, ekufikeni kwawo, itshe bese lome inhlama," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mzukisi Fatyela.
Amaphoyisa azitholele umkhondo ekubhekweni kwamakhamera, kwaboshwa abasebenzi ababili basebhange.
"Kuphinde kwaboshwa abanye ababili ababanjwe endaweni yaseMgobozana. Amaphoyisa athole imali engaba ngu-R1.2 million," kusho uFatyela othi laba bobane bebesebenzisana.
Abasolwa bazovela ngaphambi kwenkantolo maduzane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.