Durban – Kuboshwe iqeqebane labokufika ngemuva kokuba linqabe ukusuka endaweni eyabe yakhelwe ukubagcina ngesikhathi kunodlame olubhekiswe kwabofika eThekwini ngokusho kombiko.
Ngokubika kwe-eNCA amaphoyisa abesehlele ukuyivala le ndawo ukuze laba abaskhona kule ndawo babuyiselwe emphakathini eyahlukene esifundazweni.
Amaphoyisa aKwaZulu Natal athe ababoshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth ngoMsombuluko ngemuva kokuboshwa kwabo ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abatholwe nenyufomu yamaphoyisa eGoli
Kubikwa ukuthi laba bazobhekana namacala ahlukene njengoba kwamanye ala macala kukhona nawokuhlukumeza izingane ngemuva kokuzilalisa ngaphandle emakhazeni.
Ngokombiko laba bokufika bebegoloza ukuphuma kule nkambi ezinze eChatsworth bekhala ngokuthi abazi bazoyaphi uma besuka kule ndawo eyabe yakhiwe ukubagcina okwesikhashana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho