Share

Kuboshwe indoda etholakale nemoto eyebiwe

Johannesburg – Owesilisa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokutholakala nemoto eyebiwe eJabulani eSoweto ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng.

UWarrant Officer Kay Makhubela uthe amaphoyisa abezihambela ahlangabezane nesexwayiso setacker esibika imoto eyebiwe ngeSonto ebusuku.

Uthe amaphoyisa ayithungathile le moto kanti kuthe ngesikhathi ezama ukuyimisa yashaya yachitha ngesivinini.

“Amaphoyisa abe eseyijaha kwathi umshayeli wayo wahluleka ukuyilawula yashayisa uthango lwesikole,” echaza.

OLUNYE UDABA:Akaphilile ontshontshe imoto ebithwele isidumbu

“Umsolwa oneminyaka 32 ubudala uficwe ngamaphoyisa esavaleleke ngaphakathi emotweni wabe eseboshwa kanjalo ke,” kusho uMakhubela enanela ngokuthi lo msolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea maduze. 

Uthe le moto kwabikwa ukuthi yebiwe ekuqaleni kwale nyanga esiteshini samaphoyisa eLinden eRandburg. 

Kubikwa ukuthi lo msolwa ube ngoka-193 ukuboshwa kule mpelasonto eSoweto.

Kuvela ukuthi abanye abasolwa baboshelwe amacala shlukene okuhlanganisa awokuhlukumeza ngokocansi, ukushayela bedle amanzi amponjwana namanye athinta izidakamizwa.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 448 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 948 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE