"Sibophe indoda eneminyaka engu-33 ubudaka," kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.
"Izovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesihlanu," kuqhuba uMakhubela.
Kwahlaselwa abafana ababili oneminyaka emibili ubudla nnoneminyaka emithathu ubudala nonina wabo oneminyaka engu-20 ubudala ngesikhathi kubanjwa inkunzi emzini oseDobsonville EXT3 ngoLwesibili ebusuku.
Kukholakala ukuthiu kubandakanyeka amadoda amabili.
UMakhubela uthe amaphoyisa athungatha umsolwa wesibili.
OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu ngelokugwazwa kwezingane
Umfana,2 , wagwazwa amanxeba amathathu ekhanda kuthi ona-3 ubudala yena wathola amanxeba angu-8 emzimbeni. Unina wabafanyana yena wathola amanxeba engalweni.
Ugogo,60 ,wezingane yena wasikeka esiphongweni ngesikhathi kuqhubeka lobu bugebengu.
Izigebengu zabaleka nempahla kagesi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter