Limpopo – Iphoyisa lesifazane liboshiwe kulandela izinsolo zokuthi lithumbe umama wengane, 17, nosana lwakhe olunenyanga luzelwe eThohoyandou, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.
“Leli phoyisa liboshwe ngezinsolo zokuthumba umama nengane yakhe. Kusolakala ukuthi leli phoyisa lifonele le ntombazane ngoLwesihlanu lathi lizoyilanda nengane ukuze bazoya ukuyoshaya ipasi.
“Uthe ukwenza lokhu khona umama ezokwazi ukubhalisa ingane yakhe,” kusho owamaphoyisa uColonel Ronel Otto.
OLUNYE UDABA: Liyavela iphoyisa ngecala lokuthumba
Umama nengane yakhe kwabikwa ukuthi balahlekile ngosuku olulandelayo ngesikhathi bengabuyi ekhaya.
U-Otto uthe usana lutholakale lungenalutho luhlezi naleli phoyisa, kepha umama walo usadukile.
Leli phoyisa, 43, kulindeleke ukuba livele eNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou kungekudala ngamacala okuthumba.