Kusolwa ukuthi leli phoyisa lehluleka ukuvula icala ngoSepthemba, elimayelana nendoda eyaboshwa futhi eyayilethwe kulona leli phoyisa ngamalungu ezokuphepha komphakathi endaweni ngemuva kokuba itholakale nezidakamizwa zohlobo lwamaphilisi angu-15 eMandrax, kusho uCptain Frederick van Wyk.
Leli phoyisa lisolwa nangokubhala ecwadini kadokotela, njengoba kuthiwa lengeza ngezinsuku ezintathu zokugula ngaphezu kwalezo elazinikwa ngudokotela.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ebelidayisa izibhamu
UVan Wyk uthe udokotela ukuqinisekisile ukuthi leli phoyisa walinika izinsuku kusukela ngomhlaka-17 Okthoba kuya kumhlaka-5 Novemba hhayi umhlaka-8 Novemba.
Ngomhlaka-7 Novemba kwaboshwa usayitsheni wesiteshi samaphoyisa aseParow, amaphoyisa angu-9 nomunye owayesebenza kule sisiteshi ngamacala okufumbathiswa ngabasolwa kanye nokweba amadokodo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho