Share

Kuboshwe 'izinyoka' eziyishumi eNorth West

Johannesburg –  Kuboshwe abayishumi ngokuntshontshwa kwezintambo zikagesi ngokusho kwamaphoyisa aseNorth West.

“Amaphoyisa nonogada baseMarikana nasemayini yase-Aquarius abambe oqotsheni abasolwa abayishumi beziphethe lezi zintambo ngoLwesithathu,”  kusho isitatimende esikhishwe ngokhulumela amaphoyisa uCol Sabata Mokgwabone.

“Laba basolwa batholwe emayini engasasebenzi ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ukuthi kunezenzo zobugebengu eziqhubekayo kule ndawo,” kuqhuba isitatimende.

UMokgwabone uthe abangu-8 bala madoda ngabokufika njengoba kunabaseMozambique naseZimbabwe kantiababili ngabaseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: 'Izinyoka' ziphazamise ukuhamba kweGautrain

Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole amabhodwe, izinto zokukhanyisa nokunye kwensimbi kanti aphinde athola namathini okudla ngesikhathi egasele kule ndawo.

“Siphinde sathola ulwazi oluthi kuphinde kwatholakala nensangu kwamanye ala madoda,” esho.

Amaphoyisa aveze ukuthi izintambo zikagesi ezitholiwe zilinganiselwa ku-5 380 kg okungabiza isama semali engu-R109 000.

Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele enkantolo yaseMarikana ngoMsombuluko bebhekene namacala okweba, ukutholakala nezimpahla ezebiwe nensangu.


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 790 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 835 votes
Vote
Rand - Dollar
19.13
-0.1%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.45
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
922.80
+0.3%
Palladium
1,024.00
-0.2%
Gold
2,317.84
-0.2%
Silver
27.20
-0.4%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,597
+0.8%
All Share
74,573
+0.8%
Resource 10
59,990
+0.6%
Industrial 25
104,010
+1.2%
Financial 15
15,957
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE