Share

Kuboshwe nowakamasipala ngelezibhamu

Durban – Isikhulu sikamasipala singomunye wababoshwe ngoLwesihlanu ngecala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ngesikhathi amaphoyisa egasela kweminye yemizi eKranskop eKwaZulu-Natal.

Ukuboshwa kwalaba abathathu kungokwakamuva kulandela ukugasela kwamaphoyisa kule ndawo ethungatha izibhamu ezingekho emthethweni, kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane.

Funda nalolu daba: Kulindeleke izinkulungwane kohlelwe yi-EFF eNanda

"Kusukela ngo-Ephreli 13, amaphoyisa angene imizi efuna izibhamu eKranskop namaphethelo, athola ezingu-20 kwaboshwa abantu abayishumi.”

“Izibhamu ezitholwe amaphoyisa zihlanganisa ezohlobo lwe-AK47, uhlobo lwe-303, ezincane kanye nama-9mm.

Abasolwa abathathu ababoshwe ngoLwesihlanu – abaneminyaka ephakathi kuka-41 no-49 ubudala – kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaseKranskop NgoLwesibili.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
40% - 232 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
60% - 346 votes
Vote
Rand - Dollar
18.97
-0.4%
Rand - Pound
23.97
-0.3%
Rand - Euro
20.52
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
900.15
+0.4%
Palladium
1,000.00
-0.2%
Gold
2,213.87
+0.9%
Silver
24.75
+0.4%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,237
+0.8%
All Share
74,414
+0.7%
Resource 10
57,122
+2.6%
Industrial 25
103,714
+0.4%
Financial 15
16,494
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE