Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, kuphenywa ngecala lokufihla umbungu.
Intombazane isesibhedlela, la igadwe khona ngamaphoyisa.
Umthombo ongaphakathi esibhedlela, uthi abasebenzi bashaqekile bethola lo mbungu ethoyilethe.
Umama wengane kuthiwa ukhale ngobuhlungu obusesiswini, nokho amanesi athola ukuthi uhushule isisu, kuthe uma ebuzwa ngengane wathi umbungu usethoyilethe.
Okhulumela isibhedlela, uSamkelisiwe Mncube, uthi angeke bakwazi ukuphawula njengoba amaphoyisa esaphenya.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).