Pretoria - Kuboshwe owayeyisikhulu samaphoyisa kuMasipala waseTshwane ngezinsolo zokushayela ephuzile ePitoli ngoMgqibelo, kusho amaphoyisa kamasipala.
"Uboshwe ezimpambanweni zomgwaqo uMadiba noSophie de Bruyn ngemuva kokubandakanyeka engozini,” kusho uSenior Superintendent Isaac Mahamba.
Lo owayeyisikhulu samaphoyisa kutholwe ukuthi ubeshayela ephuze utshwala ngesikhathi ehlolwa.