isiZulu

Kuboshwe owesifazane ngokufa kwendodana

2012-12-24 14:31
Johannesburg - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesifazane, 27, usolwa ngokubulala indodana yakhe, 3, eNtshatshongo, ngaseWillowvale, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

"Kusolakala ukuthi le ngane ibilele nomama wayo ngoMgqibelo ebusuku elokishini iNtshatshongo, eWillowvale," kusho uCaptain Jackson Manatha.

Uthe umndeni uthole ingane le yopha isishonile ngeSonto ekuseni, kanti amaphoyisa asola ukuthi umama wayo uyishaye yaze yashona.

"Ube eseboshwa umama wengane wabekwa icala lokubulala ngenxa yokuthi uyena yedwa obelele nengane."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R35/m