Johannesburg – Ugogo oneminyaka engu-75 ubudala uboshelwe endlini kwakhe endaweni yaseMorningside eGoli, kusho amaphoyisa esifundazwe saseGauteng ngoLwesihlanu.
"Utholwe umuntu owenza ingadi ngesikhathi engena emsebenzini ngoLwesihlanu," kusho uWarranrt Officer Moss Maphakela.
Lesi saguga sitholwe phezu kombhede siboshiwe sambhozwa ngengubo yokulala.
UMaphakela uphinde wathi : "uboshwe amadoda amabili agqekeze emzini wakhe ngoLwesithathu ngezithuba zabo-14:00 emini."
"Ubefunda ngesikhathi lamadoda egqekeza kwakhe, bamubopha base bentshontsha izinto zakhe."
Lona wesifazane ubethuke ngalendlela yokuthi akasazi nokuthi lezi zigebengu zithatheni kwakhe ngaphandle kweselula.
Amaphoyisa aphenya ngecala lokugqekeza.
Abamulimazanga kanti futhi akuka boshwa muntu.
-“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho