Share

Kuboshwe umnikazi wamakhaza ngokukhwabanisa

Johannesburg - Kuboshwe umnikazi wamakhaza nowesifazane ngaseMbilo, eThekwini, kulandela ukuthi laba besebenzise isidumbu ukwenza inkohlakakalo befuna imali yomshwalense, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Owesifazane, 35, wenza isitifikeni sokuzalwa sika-Aphiwe Ntombela, ongakaze abekhona, kusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge.

Wabe esejoyina imishwalense ka-R950 000 isiyonke, ngaye lo Aphiwe mbumbulu, ejoyina imishwalense emithathu ehlukene. Wakhokha imali yazinyanga zonke ekhokhwaya.

"Ngesikhathi ama-policy esevuthiwe waba nenkinga ngoba kwadingeka abulale umuntu ongakaze abekhona,” kusho uMdunge.

"Ukuze akwazi ukulungisa le nkinga eyesebhekene nayo, waya emakhazeni eMlazi wacela ukubolekwa isidumbu sowesifazane khona, ukuze isidumbu siyiswe kudokotela, aqinisekise ukushona, bese kutholakala isitifiketi sokushona.”

NgoLwesithathu olwedlule umnikazi wamakhaza oneminyaka engu-42 ubudala, wathatha isidumbu sowesifazane emakhazeni akhe wasiyisa emakhazeni aseThekwini, okuyilapho afika wathi khona esika-Aphiwe Ntombela.

"Udokotela wasibona isidumbu, waqinisekiswa njengomuntu oshonile."

Isitifiketi sokushona saphuma, lona wesifazane wasisebenzisela ukuthola izimali zomshwalense ngomgunyathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 730 votes
Sometimes - it depends on the film release
32% - 350 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE