Johannesburg - Kuboshwe umlisa eDiepkloof ngecala lokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-23 ubudala, kusho amaphoyisa aseGauteng ngeSonto.
"Kuthiwa umsolwa kanye nesisulu bebephuza ethaveni ngesikhathi umsolwa ekhipha ummese egwaza intombi amahlandla amaningi,” kusho uConstable Sibusiso Chauke.
Funda nalolu daba: Uzovela owakhipha isisulu kubo 'wayosidlwengula'.