Johannesburg - Iphoyisa liklinywe yisiboshwa ebisisesitokisini esiteshini samaphoyisa esiseKatlehong lashona, kusho amaphoyisa aseGauteng.
UWarrant Officer Lennox Phathumzi Latha uklinywe ngesidwedwe esidatshulwe engutsheni yokulala, kusho uColonel Noxolo Kweza.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto.
“Uye ezitokisini ngoba nakhu kukhona abambizile, ufike esitokisini sokuqala bamholela kwesesibili nalapho bebe sebemklinya khona waze wathula," kusho uKweza.
Lezi ziboshwa zibe sezithatha ukhiye zafaka isidumbu sakhe ethoyilethi, zeqa.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA