Cape Town – Owesifazane uthole umyeni wakhe osemdala eshonile emzini wabo osendaweni yaseDie Eiland eGreat Brak River eseduzane naseGeorge, kusho amaphoyisa esifundazwe saseWestern Cape ngoLwesine.
"Kuvulwe icala lokubulala kanti kuyaphenya ngokufa kukaRonald Wiggett, 76, otholwe emzini wakhe oseDie Eiland, eGreat Brak River," kusho uCaptain Malcolm Pojie.
Isidumbu sakhe sitholwe ekuseni ngoMsombuluko sinamanxeba okugwazwa emlenzeni nasesiphundu, kusho uPojie.
Umkakhe uphume wayombeka ngemuva kokuthi angamletheli inkomishi yetiye.
OLINYE UDABA: Kugwazwe kwabulawa uthisha egqekezelwa
"Wabiza amaphoyisa kodwa afika sesishonile isisulu endaweni yesigameko."
Abaphenyi babophe umsolwa oneminyka engu-57 ubudala emzini wakhe khona endaweni abe esemphosa imibuzo ngoLwesibili.
Kwatholakala izimpahla ezinamachaphazelo egazi emzini kamsolwa zabe seziya kohlolwa.
Le ndoda idedelwe ngoLwesine.
Uphenyo luyaqhubeka.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter