isiZulu

Kubulawe owesifazane eVerdwaal

2012-12-24 14:24
Johannesburg - Kutholakale owesifazane ebulewe eVerdwaal ngase-Itsoseng, kusho amaphoyisa aseNorth West embikweni wawo wangoMsombuluko.

"Isidumbu sitholwe ngoMsombuluko ngabo-07:00 ngumuntu obezidlulela esigangeni ngaseVerdwaal number 2," kusho uCaptain Amanda Funani.

Uthe lo wesifazane, obalelwa eminyakeni ephakathi kuka-18 no-25 ubudala, ubeshaywe ngesikhali esingaziwa ekhanda.

UFunani uthe lo wesifazane ubegqoke isikibha esi-pink, ijakhethi ebomvu, ijini eluhlaza namateku e-All Star amnyama.

"Imbangela yalesi sigameko ayikaziwa okwamanje, kanti futhi akukaboshwa muntu."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA

Ezinye izindaba e- Ningizimu Afrika

«Emuva
Ad:Old Mutual Funeral Plan R35/m