Johannesburg – Owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala udutshulwe wabulawa ngaphandle kwesikole sendodakazi yakhe eBram Fischer ngesikhathi edunwa imoto ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng.
Lona wesifazane ubenendodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa emotweni ezolanda indodakazi eneminyaka engu-12 ubudala ngoMsombuluko ntambama, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Kay Makhubela.
“Ngemuva kokuba indodakazi ingene emotweni sebelungiselela ukusuka kuqhamuke abesilisa ababili bephethe izibhamu.
OLUNYE UDABA:Lihlehlile elibhekene nowayegijima kuBafana
Badubule lona wesifazane base beyamkhiphela ngaphandle emotweni nezingane zakhe,” kusho uMakhubela.
Ushonele endaweni yesigameko, izingane abazange bazithinte.
Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa ayitholile imoto yalona wesifazane yohlobo lweToyota Corolla ilaxaziwe eDobsonville extension 3.
Amaophoyisa aphenya amacala, elokubulala nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho