Johannesburg – Kubulawe umlisa oyedwa kwalimala abathathu esehlakalweni sokudubula esenzeke kuPopulier Street eBosmont, eRoodepoort ngoLwesibili ebusuku.
Umlisa oyedwa ushonele endaweni yesehlakalo.
Funda nalolu daba: Hlukanani phansi neSilo - IFP
“Abantu abathathu kutholakale ukuthi bathole ukulimala kabi kwesokudubulana, kanti ngemuva kokuthola usizo lokuqala endaweni yesehlakalo, baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann.
Amaphoyisa ayaphenya.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.