Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa unogada kwathi abanye abantu ababili bona bathola ukulimala esehlakalweni sokuzama ukubamba inkunzi, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.
Kuthiwa lesi sehlakalo senzeke ngoLwesihlanu ntambama eCrown Mines.
Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Kay Makhubela, uthe abalisa abebehamba ngeBMW eluhlaza satshani bazame ukubamba inkunzi esitolo kodwa bagcina bebaleke bengaphethe lutho ngemuva kokudubulana.
Funda nalolu daba: Isingenwe yiCope ekaBheki Cele noPhiyega
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 bathe umlisa oneminyaka elinganiselwa kuma-30s ubudala utholwe eseshonile edindilize phezu kwegazi.
Udutshulwe ekhanda washonela khona lapho.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.