Pietermaritzburg – Kwenzeke obekungalindelekile enkantolo ngesikhathi kubuyisana ubaba womlisa ogwetshwe udilikajele ngokubulala umlimi kanye nomndeni wezisulu, kubike iThe Witness ngoLwesine.
UZamokuhle Maduna, 19, Siphesihle Ngubane, 20, noLindokuhle Khoza, 18, bobathathu banikwe odilikajele abathathu ngoLwesithathu eNkantolo eNkulu KwaZulu-Natal.
Ibamba leJaji uLouis Barnard lichaze isehlakalo sokuhlasela kubulawe u-Ekard Schutte, 76, nonkosikazi wakhe u-Elizabeth, 66, kanye nendodana yabo u-Lutz, 33, njengesinesihluku futhi esasihleliwe.
Ngemuva kwesigwebo, amadodana ka-Ekard, uStefan noMathias Schutte, nobaba kaZamokuhle, uJoseph Maduna, baxhawulene, uMaduna wabe esexolisa emindenini ngesenzo sendodana yakhe.
Ngokuhamba kwesikhathi uJoseph Maduna utshele izintatheli ukuthi ubexolisa emndenini kodwa akafuni ukukhuluma ngaloludaba.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).