Durban - Amaphoyisa acela ongaba nosizo emphakathini waKwaMashu, enyakatho neTheku, ngokuduka kwengane yomfana eneminyaka emihlanu ubudala, uLungelo Masondo.
Lo mfanyana ugcine ukubonakala ngomhlaka-28 Febhuwari elibangise esitolo ngabo-17:00, kubika iNewswatch.
Amaphoyisa athi le ngane yayigqoke isikhindi esi-navy, isikibha esiluhlaza sasibhakabhaka kanye namateku abukhwebezane ngesikhathi iduka.