Lokhu kwenzeke ngesikhathi leli komidi lihlala okokuqala ngoLwesine.
Ikomidi lamalungu angu-12, angamalungu amaqembu ahlukene ezombusazwe lasungulwa yiPhalamende ukuba licubungule impendulo kaMengameli.
"Angisiboni isizathu sokuthi yini engadala ukuthi kube khona owalayo ukuvela phambi kwekomidi aphendule ngezinsolo abekwa zona," kusho umholi weDemocratic Alliance ePhalamende, uLindiwe Mazibuko.
"Siyethemba ukuthi abantu bazovuma ukuza uma becelwa, kodwa leli komidi linalo ilungelo lokubiza noma ubani ukuba azovela phambili kwalo."
USihlalo wekomidi yilowo onguSihlalo wePhalamende uCedric Frolick kanti kulindeleke ukuba umsebenzi uphothulwe mhlaka-30 Ephreli.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.