Johannesburg - Owesifazane
udlwenguliwe kwaphangwa endlini yakhe ngesikhathi kungena izigebengu ezimbili
elele nengane yakhe Kwanobuhle, ngaseUitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern
Cape ngoMsombuluko.
Owesifazane
oneminyaka engu-26 ubudala uvuswe wumsindo wokuvuleka kwesicabha, kusho uLt-Col
Priscilla Naidu.
"Abesilisa
ababili abangaziwa bangene endlini yakhe. Oyedwa ubegqoke i-balaclava."
Laba
balisa ababili bamshayile lona wesifazane, oyedwa wabo wamdlwengula.
Ngemuva
kwalokho bambophile base bethatha izimpahla endlini ngaphambi kokubaleka.
Indodakazi
yakhe eneminyaka emithathu, nayo ivuke ngesikhathi kugqekezwa kodwa abayenzanga
lutho.
Umyeni
walona wesifazane ubesaphumile ngesikhathi kwenzeka lokhu. Ngemuva kokuba
izigebengu sezibalekile, lona ukwazile ukubikela omakhelwane, okuyibona
abamqaqile.
Amaphoyisa
aphenya ngecala lokugqekeza nelokudlwengula.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA