"Amaphoyisa aseThabong aphenya ngesigameko sokubulawa nokudlwengulwa kwentombazane,” kusho uWarrant Officer Malebo Khosana.
Lesi sigameko senzeke ngabo-02:00.
Le ntombazane kuthiwa ibilele kubo kwesoka layo ngesikhathi bengenelwa yizigebengu ezintathu ebezihlomile.
OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe umfundi esikoleni
"Bafune imali kwathi esinye sezigebengu sadlwengula le ntombazane.”
Bathathe imali, i-DVD player, omakhalekhukhwini nezicathulo kanti kusolakala ukuthi baphinde bagenca umfowabo soka ngesizenze.
"Kuthiwa abasolwa baphinde babuya ngemuva kwemizuzwana babuza intombazane ukuthi iyabazi yini, yaphendula ngokuthi cha. Kuthe kusenjalo omunye wezigebengu wayidubula ekhanda yashona ujuqu.”
Abasolwa basagcwele izigange kanti kuvulwe icala lokubulala, ukudlwengula nelokuphanga.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter