Johannesburg - Amaphoyisa athi owesifazane ongowokudabuka eZimbabwe udlwengulwe ngamadoda amane eMapetla, eSoweto, ngokusho kombiko wangoMsombuluko.
UWarrant Officer Arinao Kharibe uthe le ndoda iboshwe emuva kokuthu umzala wesisulu azise amaphoyisa ngalesi sigameko ngoMgqibelo.
Lo wesifazane, 31, nomzala wakhe bebehamba beya erenki yamatekisi ngesikhathi begagamelwa amadoda amabili abehlomile.
Umzala ukwazile ukubaleka, kodwa lo wesifazane bambamba badlwengulela emuva kwehostela laseMerafe.
"Abasolwa babe sebebiza abanye abangani babo ababili ukuba nabo bazodlwengula lo wesifazane," esho.
Oboshiwe uzovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoMsombuluko.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA