Pretoria- Kudutshulwe kwabulawa indoda eDanville entshonalanga neGoli ngoLwesihlanu.
Kukholakala ukuthi bekudutshulwana kanti lokhu kudubulana kwenzeke ngezithuba zabo-10:00 ngasemgwaqeni uWrentmore.
AMamphyoisa athe umufi onbenguplamba kusolwa ukuthi umiswe umshayeli weveni yohlobo lweToyota Hilux.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe indoda ishayela eSiphingo
Okhulumela amphoyisa uConstable Tumisang Moloto uthe iveni ime amamitha ambalwa ngemuva kwesisulu.
“Isisulu sibe sesiphuma emotweni yaso sayokhuluma nomshayeli weveni. Omunye umuntu obehamba nesisulu uhlale emotweni ngesikhathi siyokhuluma noweveni. Ngemuva kwalokho umshayeli uphinde ngesivinini emotweni wase egilikidela phansi eduze kwemoto yakhe.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter