Share

Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eGoli

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi kwathi abanye abalisa ababili balimala kanzima esehlakalweni sokudubula esenzeke kuNoord Street, maphakathi neGoli, ngoLwesine, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Umnikazi wamatekesi oneminyaka engu-51 ubudala udutshulwe ekhanda ngesikhathi ehamba kuNoord Street ephuma efulethini lakhe ngezithuba zabo-08:00, kusho uWarrant Officer Xoli Mbele.

Ushonele endaweni yesehlakalo.

Inhlamvu idubule nomlisa obehamba ngemuva kukasomatekisi oneminyaka engu-32 ubudala.

Ngesikhathi abantu bezama ukujaha odubulile, uphinde wadubula okwesibili, kwadubuleka umlisa oneminyaka engu-50 ubudala.

Funda nalolu daba: Akubuyekezwe umthetho ngezibhamu - ANC. 

Okhulumela abe-911 uSanti Steinmann uthe oyedwa kwabalimele ubezihambela ngesikhathi kuqhuma isibhamu, wabona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi udubulekile.

USteinmann uthe bobabili abalisa balimale kabi, kanti baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane.

Akukaboshwa muntu.

UMbele unxuse noma ubani obonile kwenzeka lesi sehlakalo ukuba axhumane namaphoyisa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 883 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE