Durban – Kuphinde kwadutshulwa omunye usomatekisi nonkosikazi wakhe eNanda
njengoba bekusanda kudutshulwa abanye emasontweni ezinsukwini ezimbili
ezedlule.
Ngokubika kwe-Timeslive unkosikazi ushonele emotweni abebehamba
ngayo kanti usomatekisi ulwela impilo yakhe esibhedlela.
Umbiko uveza ukuthi laba bashadikazi bebehamba
ngemoto yabo emgwaqweni onguthelawayeka u-N2 ngesikhathi behlelwa yilesi
sigameko.
NgoLwesibili kudutshulwe omunye usomatekisi nowakwakhe ngesikhathi
behamba ndawonye KwaMashu.
OLUNYE UDABA: Kubulawe usomatekisi KwaMashu
UMnyango wezokuThutha KwaZulu Natal uhlangane
namalungu e-Inanda Tazi Association ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokusabalala
kwemibiko yoqhekeko phakathi kwawo.
“Ngaleso sikhathi inking enkulu
kwakuwumbango wokusetshenziswa kwemali kasoseshini.
Ngemuva kokungenelela
komnyangao neSantaco isimo sibuyele esimeni kwaqhutshekwa nokusebenza,” kusho
uKwanele Ncalane okhulumela umnyango.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho