Johannesburg - Ngemuva kwesikhashana ikomidi eliphezulu lixoshe uNobhala Jikelele womfelandawonye iCosatu ithwale kanzima izama ukuthola impahla yayo kuye, kubalwa i-Laptop, iselula, i-iPad nemoto kanokusho i-Audi.
Iselula kaVavi icinyiwe wabe esebhala enkundleni yezikuhxumana iTwitter wathi: "Isivaliwe inombolo yocingo lweCosatu njalo kodwa ngeke lishone ngingayitholanga inombolo efanayo nale."
UMengameli weCosatu uS’dumo Dlamini ucele ukuba uVavi abuyisele zonke izimpahla zalo mfelandawonye ayezisebenzisa.
"Uma nje kwathengwa yiCosatu kumele kubuyile."
OLUNYE UDABA: UVavi uxoshelwe ukungaziphathi kahle
UDlamini uphinde wathi uVavi uzolahlekelwa imali engango-R1 million ngonyaka abeyihola.
IPhini likaNobhala Jikelele uBheki Ntshalintshali uthe Uvavi utsheliwe ngokuxoshwa kwakhe kwiCosatu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho